Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:37 - Contemporary Zulu Bible 2024

37 Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

37 Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:37
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Ngiyakwenza lo muzi ube yihlane nenhlekisa; wonke umuntu odlulayo uyomangala futhi aklolodelwe ngazo zonke izinhlupho zakhe.


Ngiyakubanikela ukuba banyakaze emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yobubi babo, isihlamba nesaga, inhlekisa nesiqalekiso, ezindaweni zonke engiyobaxosha kuzo.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Ngiyakubasukela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibanikele ukuba anyikinywe emibusweni yonke yomhlaba, abe yisiqalekiso, nesimangaliso, nenhlekiso, nesihlamba phakathi kwabo. Zonke izizwe engibaxoshele kuzo.


Usenze ishede nemfucuza phakathi kwabantu.


Ngakho kuyakuba yihlazo nehlazo, isijeziso nesimangaliso ezizweni ezikuhaqayo, lapho ngenza izijeziso phezu kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangokusola okuvuthayo. Mina Jehova ngikukhulumile.


Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?


Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.


UJehova uyakukushaya ngobuhlanya nobumpumputhe nangokumangala kwenhliziyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka