Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova uyakuthuma phezu kwakho iziqalekiso, nokuhlushwa, nesijeziso kukho konke obeka isandla sakho ukukwenza, uze ubhujiswe, ubhubhe masinyane; ngenxa yobubi bezenzo zenu oNgishiyile ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso, nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze, uze uchithwe, ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 “USimakade uyakwehlisela kuwe isiqalekiso, ukudideka nokusolwa, kukho konke oyokwenza, uze ubhujiswe, ushabalale ngokushesha, ngenxa yobubi bezenzo zakho, ngokuba ungishiyile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:20
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyashesha njengamanzi; isabelo sabo siqalekisiwe emhlabeni; akayiboni indlela yezivini.


UNkulunkulu uyahlulela olungileyo, futhi uNkulunkulu uthukuthelele ababi nsuku zonke.


Kusukela esikhathini sokuphuma kwayo, sizakuthatha; ngoba kusasa ngengomso lizadlula, imini lebusuku; futhi kuyoba ukucasula nje ukuqonda amahlebezi.


Abayinkulungwane bayakubalekela ukusolwa koyedwa; niyakubaleka esijezisweni sabahlanu, nize nihlale njengesibani esiqongweni sentaba nanjengebhanela egqumeni.


Amadodana akho anqotshiwe, alala emaphethelweni azo zonke izitaladi, njengenyamazana egajwe inetha; bagcwele ulaka lukaJehova, isijeziso sikaNkulunkulu wakho.


Ngokuba bhekani, uJehova uyakuza ngomlilo nezinqola zakhe njengesivunguvungu, ukuze abekezelele ulaka lwakhe ngolaka nokusola kwakhe ngamalangabi omlilo.


Ngiyakumemezela izahlulelo zami kubo ngokuphathelene nabo bonke ububi babo, abangidelile, bashisela abanye onkulunkulu umusi, bakhuleka emisebenzini yezandla zabo.


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.


Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


UJehova uyakukubusisa engcebweni yakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho; uyakukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.


USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, bangena ekulweni;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka