Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe, wenze lokhu engikuyala ngakho namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:1
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli, ngoba umbuso wakhe waphakanyiswa ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.


Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.


Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.


Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova.


Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.


Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.


Kodwa uba lilalela ilizwi lakhe, lenze konke engikutshoyo; khona ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngibe yisitha sabamelene nawe.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa ukugula phakathi kwakho.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Tshela olungileyo ukuthi kuzakuba kuhle kuye, ngoba bazadla izithelo zezenzo zabo.


Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Njalo uba befunda lokufunda izindlela zabantu bami, ukufunga ngebizo lami: Kuphila kukaJehova! njengoba bafundisa abantu bami ukufunga uBhali; khona-ke bayakwakhiwa phakathi kwabantu bami.


“ ‘Uma ningilalela nokungilalela,’ usho uJehova, “ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, kodwa ningcwelise usuku lwesabatha, ningenzi msebenzi ngalo;


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina;


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Isibusiso, uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla:


Kuphela uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.


UJehova unimisile namuhla ukuba nibe ngabantu bakhe abakhethekile njengokunithembisa kwakhe, nigcine yonke imiyalo yakhe;


aniphakamise ngaphezu kwezizwe zonke azenzileyo, ngodumo, negama, nodumo; futhi nibe yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengoba nje ekhulumile.


UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; futhi uyoba phezulu kuphela, futhi ngeke ube ngaphansi; uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla ukuba niyigcine, niyenze;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka