Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 23:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uJehova uNkulunkulu wakho akavumanga ukumlalela uBileyamu; kepha uJehova uNkulunkulu wakho wakuguqulela isiqalekiso saba yisibusiso, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 23:5
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, uJehova angibuyisele kahle namuhla ngesiqalekiso sakhe.


Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.


Ihubo lika-Asafa. Yebo, uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kubo abahlanzekile enhliziyweni.


Njengenyoni ezulazulayo, njengenkonjane indiza, kanjalo isiqalekiso asiyikufika ngaphandle kwesizathu.


UJehova wabonakala kimi kwasendulo, wathi: “Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.


Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.


Nginithandile,” usho uJehova. Kodwa wena uthi: Usithande ngayiphi indlela? U-Esawu wayengeyena yini umfowabo kaJakobe? usho uJehova, kepha ngamthanda uJakobe,


Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki.


Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori kuPhethori osemfuleni wezwe labantwana babantu bakubo ukuba zimbize, zithi: “Bheka, kuphume abantu eGibithe; bheka, zisibekela ubuso bomhlaba, futhi zihlala phambi Kwami.


Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.


Okwevangeli bayizitha ngenxa yenu;


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Njengokulotshiweyo ukuthi: UJakobe ngamthanda, kodwa uEsawu ngamzonda.


Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;


njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.


Yebo, wayebathanda abantu; bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho, bahlala ngasezinyaweni zakho; wonke umuntu uyakwamukela emazwini akho.


Futhi ngenxa yokuthi wabathanda oyihlo, ngakho wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo, futhi wakukhipha phambi kwamehlo akhe eGibhithe ngamandla akhe amakhulu;


Kepha angivumanga ukumlalela uBileyamu; ngakho-ke usakubusisa; ngalokho nganisindisa esandleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka