Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 20:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuze banganifundisi ukwenza njengazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo konkulunkulu babo; kanjalo niyone kuJehova uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 20:18
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera, njengalokho enzile u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli; lonke ibandla lezulu lakhuleka, lazikhonza.


Aniyikwenza isivumelwano nabo noma nawonkulunkulu babo.


Bangahlali ezweni lakini, funa bakwenze wone kimi; ngoba uma ukhonza onkulunkulu babo, kuzakuba lugibe kuwe.


Ziqaphele, funa ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, kungabi lugibe phakathi kwakho.


Uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aphinge ngokulandela onkulunkulu babo, amadodana akho aphinge ngokulandela onkulunkulu bawo.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi noma ngubani ongawalaleli amazwi ami ayowakhuluma egameni lami, ngizowafuna kuye.


Lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungafundi ukwenza izinengiso zalezo zizwe.


Kodwa kumelwe ubashaye ngesiqalekiso; amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala.


Lapho uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuze uwuthathe, akumelwe nichithe imithi yawo ngokuyigalela ngezembe; ngoba ungadla kuzo, ungazigawuli. Umuthi wasendle ungukuphila komuntu) ukuzisebenzisa ekuvinjezelweni;


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


Yazini impela ukuthi uJehova uNkulunkulu wenu akasayikuxosha nesisodwa salezi zizwe phambi kwenu; kodwa ziyakuba yizihibe nezihibe kini, neziswebhu ezinhlangothini zenu nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


Ngalokho nami ngathi: Angiyikubaxosha phambi kwakho; kodwa bayakuba njengameva ezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo bayakuba lugibe kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka