Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 16:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izinsuku eziyisikhombisa uyakugcina umkhosi wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho; jabulani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 16:15
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.


njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.


Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.


Uyakugcina umkhosi wamasonto wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho ngentela yomnikelo wesihle esandleni sakho oyakunikela ngayo kuJehova uNkulunkulu wakho, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile.


Uzakuthokoza edilini lakho, wena lendodana yakho lendodakazi yakho lenceku yakho lencekukazi yakho lomLevi, umfokazi lentandane lomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.


Ngokuba ngiyakuyala namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe, nigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze niphile, nande; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa ezweni oya kulo ukulidla.


Futhi uzakunithanda, anibusise, andise; Iyakubusisa isithelo sesisu sakho, nesithelo sezwe lakho, nokolweni kwakho, newayini lakho, namafutha akho, nomkhiqizo wezinkomo zakho, nomhlambi wezimvu zakho, ezweni alifungela oyihlo ukukunika.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka