Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akumelwe nilalele amazwi alowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya ukuze azi uma nimthanda uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabuya naye, wadla isinkwa, waphuza namanzi endlini yakhe.


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.


Ngokuba wena, Nkulunkulu, usivivinyile; Usivivinyile njengokuvivinywa kwesiliva;


Wakhala ekucindezelekeni, ngakusindisa; Ngakuphendula ngisendaweni yokucasha yokuduma, ngakuvivinya emanzini aseMeriba. Sela.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukunivivinya, ukumesaba kube phambi kwenu, ukuze ningoni.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


Ngoba kumele kube khona ukuhlukana phakathi kwenu, ukuze abathembekileyo babonakale phakathi kwenu.


Kangikhulumi ngomlayo, kodwa ngenxa yenkuthalo yabanye, ngivivinya ubuqotho bothando lwenu.


Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.


owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho;


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Ngalokho-ke uNkulunkulu uyakubathumela ukuduka okunamandla, ukuze bakholwe amanga;


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi;


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.


Ukuze ngivivinye u-Israyeli ngabo uma bayakuyigcina indlela kaJehova ukuhamba ngayo njengalokho oyise bayigcina, noma qha.


Manje inkosi yami, inkosi, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma uJehova ekuvusile ngokumelene nami, makamukele umhlatshelo; kepha uma bengamadodana abantu, baqalekisiwe phambi kukaJehova; ngoba bangixotshile lamuhla ukuthi ngingahlali efeni le Nkosi, besithi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka