Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi akukho lutho oluqalekisiweyo oluyonamathela esandleni sakho, ukuze uJehova aphenduke ekuvutheni kwentukuthelo yakhe, abe nomusa kini, abe nomusa kini, akwandise, njengalokho athembisa oyihlo ngesifungo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:17
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.


Kodwa yena owayelesihawu wabathethelela ububi babo, kababhubhisanga;


Ukususile konke ulaka lwakho; Usukile ekuvutheni kolaka lwakho.


Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.


Kungani amaGibhithe azakhuluma athi: Nguye owabakhupha ebubini ukuze ababulalele ezintabeni futhi abaqede emhlabeni? Phenduka olakeni lwakho futhi uphenduke kulobu bubi obumelene nabantu bakho.


Kepha noma ebanga usizi, nokho uyakuba nesihawu ngokobukhulu bobubele bakhe.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo; kuyakuba yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubabeka, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Angiyikuvumela ukuvutha kolaka lwami kunqobe, angiyikubuya ngichithe u-Efrayimi; ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; oNgcwele phakathi kwakho, futhi angiyikungena emzini.


INkosi yasisithi kuMozisi: Thatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyeke phambi kwe Nkosi elangeni, ukuze kubuye ulaka lwe Nkosi kaIsrayeli.


Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo.


Lapho ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyakushintsha ukuthunjwa kwakho, abe nesihe kuwe, abuye, akubuthe ezizweni zonke uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuyisa ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; futhi Uyokwenza okuhle kini Anandise ngaphezu kokhokho benu.


Futhi uzakunithanda, anibusise, andise; Iyakubusisa isithelo sesisu sakho, nesithelo sezwe lakho, nokolweni kwakho, newayini lakho, namafutha akho, nomkhiqizo wezinkomo zakho, nomhlambi wezimvu zakho, ezweni alifungela oyihlo ukukunika.


Ungangenisi isinengiso endlini yakho, funa uqalekiswe njengaso; ngoba liyinto eqalekisiweyo.


U-Akani, indodana kaSeraki, akenzanga yini isiphambeko sabaxhwalekileyo, futhi ulaka lwehlela lonke ibandla lika-Israyeli na? futhi lowo muntu akabhubhanga ngobubi bakhe yedwa.


Kumelwe niziqaphe empahleni eyenqatshelwe, funa niqalekiswe, uma namukela empahleni echithiweyo, nenze ikamu lika-Israyeli libe yisiqalekiso, niliqalekise.


Bawushisa umuzi ngomlilo nakho konke okwakukuwo, isiliva kuphela, negolide, nezinto zethusi, nezensimbi, bakubeka endlini yengcebo yendlu kaJehova.


UJoshuwa wabaqalekisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo salo ngezibulo lakhe, futhi indodana yakhe encane iyomisa amasango alo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza isiphambeko engcebweni; ngoba u-Akani indodana kaKarmi kaSabidi indodana kaSeraki wesizwe sakwaJuda wathatha empangweni, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


UJoshuwa walishisa i-Ayi, walenza laba yinqwaba kuze kube phakade, ihlane kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka