Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Qaphelani nje ukuthi kalidli igazi, ngoba igazi liwukuphila; futhi aniyikudla ukuphila kanye nenyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

23 Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:23
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha inyama enomphefumulo wayo, okuyigazi layo, aniyikuyidla.


Ngakho-ke yithi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Nidla okunegazi, niphakamisele amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi; futhi niyakudla ifa lezwe na?


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Ngokuba umphefumulo wenyama usegazini, futhi ngininikile lona e-altare ukwenza ukubuyisana kwemiphefumulo yenu; ngoba ligazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


Aniyikudla igazi kunoma iyiphi yezindlu zenu, noma elenyoni noma elezilwane.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


kodwa sibabhalele ukuthi bayeke amanyala ezithombe, lobufebe, lokukhanyiweyo, legazi.


Kuphela lingadli igazi; njengamanzi kumelwe uwathululele emhlabeni.


Njengalokhu kudliwa inyamazane nendluzele, niyakudla kanjalo; ongcolile nohlanzekile kumelwe badle kuwo ngokulinganayo.


Aniyikudla; kumelwe uwathele emhlabeni njengamanzi.


Kuphela igazi layo aniyikulidla; kumelwe uwathele emhlabathini njengamanzi.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Abantu bandiza phezu kwempango, bathatha izimvu, nezinkomo, namathole, bakushaya phansi, abantu bakudla kanye negazi.


Base bemtshela uSawule lokho, bathi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla igazi.” Wathi: “Nenile; gingqela itshe elikhulu kimi namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka