Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 11:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 ukuze nandise izinsuku ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukulinika bona nenzalo yabo, izwe elichichima ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uSimakade afunga ngalo kokhokho benu ukubanika lona nezizukulwane zabo, izwe elichichima ubisi noju.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 11:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi;


Ukumesaba uJehova kwandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyafinyezwa.


Ubude bezinsuku busesandleni sabo sokunene; nasesandleni sakhe sokhohlo ingcebo nodumo.


Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula.


Ngokuba ngaMi izinsuku zakho ziyakuba-ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwandiswa.


mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Ngokuba izwe eningena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengensimu yemifino.


Ukuze izinsuku zenu nezinsuku zabantwana benu zande ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu emhlabeni.


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile; ukuze izinsuku zakho zibe zinde futhi kukuhambele kahle ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Kumelwe nihambe ngazo zonke izindlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngazo, ukuze niphile, niphumelele futhi nibe nezinsuku eziningi ezweni eniyakulidla.


Uyakwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kukuhambele kahle, ungene ulidle izwe elihle uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo;


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle, izwe lemifudlana yamanzi, nemithombo, nezitwa eziphuma ezigodini nasemagqumeni;


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka