Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:12
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi encwadi inkosi yakwaJuda eyayifunda.


Uyabahola abeluleki abaphangiwe, enze abahluleli babe iziwula.


Amakhosi omhlaba nabantu bonke; izikhulu nabo bonke abahluleli bomhlaba.


Hlakaniphani manje, nina makhosi, nilaywe nina bahluleli bomhlaba.


Izikhulu nezinduna zibusa ngami, bonke abahluleli bomhlaba.


Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.


oqinisa izwi lenceku yakhe nofeza icebo lezithunywa zakhe; othi kulo iJerusalema: Liyakuhlalwa; nasemizini yakwaJuda: Niyakwakhiwa, ngivuse izindawo zayo ezidilikileyo.


awu! ngoba lolo suku lukhulu, kangangokuthi alukho olunjengalo; kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe; kodwa uyakukhululwa kuyo.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Hamba ukhulume ku-Ebhedi-Melegi umKushe, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Bheka, ngiletha amazwi ami ngalo muzi ngokubi, kungabi ngokuhle; futhi ziyogcwaliseka phambi kwenu ngalolo suku.


Ngenxa yokuthi nakhuphula impepho nangenxa yokuthi nonile kuJehova futhi anizange nililalele izwi likaJehova futhi anihambanga ngomthetho wakhe nangezimiso zakhe nangobufakazi bakhe; ngalokho lobu bubi bukwehlele njenganamuhla.


Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.


Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?


UJehova wenza njengokucabanga kwakhe; Wafeza izwi lakhe ayala ngalo ezinsukwini zasendulo: Wawisa, akabanga namusa; futhi Wenza isitha senu sajabula ngani, waphakamisa uphondo lwezitha zenu.


Ngokuba isijeziso sobubi bendodakazi yabantu bami sikhulu kunesijeziso sesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasalanga zandla phezu kwalo.


Babona okuyize nokubhula kwamanga abathi: “UJehova ukhulumile, uJehova kabathumanga; futhi benza abanye babe nethemba lokuthi bayoliqinisa izwi.


Ngiyakwenza kuwe lokho engingakwenzanga, nengingayikuphinda ngenze into enjalo, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.


Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.


Ngabuka ebusuku, bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu emi phakathi kwemibomvana eyayiphansi; futhi emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, ezimanakanaka namhlophe.


Yebo, benza izinhliziyo zabo zaba njengetshe, ukuze bangawuzwa umthetho namazwi uJehova Sebawoti awathumela ngomoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela ulaka olukhulu oluvela kuJehova Sebawoti.


Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Ngoba lezi kuyizinsuku zokuphindisela, ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka