Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wafika eJerusalema walivimbezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eJerusalema, walivimbezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:1
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema. Igama likanina lalinguZebuda, indodakazi kaPhedaya waseRuma.


Wakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova, nengcebo yendlu yenkosi, nazo zonke izitsha zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezenzile ethempelini likaJehova, wazihlahlela zaba yizicucu kusho uJehova.


Emadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, uyakuwasusa; futhi bayoba ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhiloni.


Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okungumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele;


Izwi elafika kuJehova kuJeremiya emihleni kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


Kepha lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, engena ezweni, sathi: “Wozani siye eJerusalema ngenxa yempi yamaKaledi nangenxa yempi yama-Aramu; hlala eJerusalema.


Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi likaJehova kuJeremiya, lathi:


Izwi umprofethi uJeremiya alikhuluma kuBaruki indodana kaNeriya ekulobeni lawa mazwi encwadini ephuma emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele nangezwe lamaKaledi ngomprofethi uJeremiya.


Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, uNebuzaradani induna yabalindi, owayesebenzela inkosi yaseBabele, wafika eJerusalema;


Laba ngabantu uNebukadinesari abathumbile: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu;


Khona-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli yini, ongomunye wabantwana bakwaJuda abadingisiwe, inkosi, ubaba, eyabahola iphuma ezweni lamaJuda na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka