Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 9:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Khona manjalo kwafika ifu labasibekela; kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yilaleleni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 9:7
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile.


Amafu nobumnyama kumhaqa, ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakhe sobukhosi.


Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa wabiza uMose efwini.


Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.


Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu.


Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.


Ngokuba wayengazi ukuthi athini; ngoba besaba kakhulu.


Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.


UMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyathokoza ngawe.


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.


UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.


Baba, khazimulisa ibizo lakho. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.


AmaJuda amphendula athi: Thina silomlayo, langokomlayo wethu ufanele ukufa, ngoba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.


Naye uBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anikaze nilizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.


Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?


Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.


Nguye lo uMozisi owathi kubantwana bakoIsrayeli: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; yena lizamuzwa.


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?


futhi yabonakaliswa ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngamandla, ngomoya wobungcwele, ngokuvuka kwabafileyo;


Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.


Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka