Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 3:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga; khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Kanjalo, akekho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga bese ephanga indlu yaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga; khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 3:27
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.


Ngalokho ngiyakuyabela izabelo kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla; ngokuba wawuthulula umphefumulo wakhe ekufeni, wabalelwa kanye nezoni; futhi wathwala izono zabaningi futhi wathandazela aboni.


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


Noma umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, na? khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.


Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;


UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen.


Esephucile imibuso namandla, wabukisa ngabo obala, ebanqoba ngawo.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka