Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 10:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 10:24
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kubantu abayisandla sakho, Jehova, kubantu bomhlaba abanesabelo sabo kulokhu kuphila, nesisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho efihliweyo; bagcwele abantwana bashiyela abancane babo okusalayo.


Bhekani, lo nguye umuntu uNkulunkulu angamenzanga amandla akhe; kepha wethemba ebuningini benotho yakhe, waziqinisa ebubini bakhe.


Ningenciki ekucindezelweni, ningabi yize ngokuphanga; uma ingcebo iyanda, ungabeki inhliziyo yakho kuyo.


Owethemba inotho yakhe uyakuwa, kepha olungileyo uyahluma njengehlumela.


Inotho yenotho ingumuzi wakhe oqinileyo, injengogange oluphakemeyo ekuzigqabheni kwakhe.


Uyafuna ukugxilisa amehlo akho kulokho okungekho na? ngoba ingcebo yenza amaphiko; bandizela ezulwini njengokhozi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Wo kuye ofisela indlu yakhe inzuzo embi, ukuze abeke isidleke sakhe phezulu, akhululwe emandleni omubi!


Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;


Kwathi sebezwile abafundi bakhe bamangala kakhulu, bathi: Pho kungasindiswa bani?


Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele.


UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu!


NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela.


Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini.


Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi.


Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?


Bantwanyana bami, engibuye ngibe nemihelo ngabo, uKristu aze abunjwe kini.


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Bantwanyana, ziphepheni ezithombeni. Amen.


Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka