Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 8:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 8:29
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yasisithi: Ngilani lani, madodana kaZeruya? makaqalekise, ngokuba uJehova wathi kuye: “Thuka uDavide; Ubani-ke ozothi: Kungani wenze lokhu?


UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nibe yizitha zami namuhla na? ingabe ukhona ozobulawa kwa-Israyeli namuhla? Angazi yini ukuthi ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli namuhla na?


Wathi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? uyeza kimi ukuze ukhumbule isono sami futhi ubulale indodana yami?


U-Elisha wasesithi enkosini yakoIsrayeli: Ngilani lawe? hambani kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Qha, ngokuba uJehova wabiza lawa makhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sikaMowabi.”


Kodwa wathuma izithunywa kuye ukuthi: Ngilani lawe, nkosi yakoJuda? Kangizanga ukulwa lawe lamuhla, kodwa ngimelene lendlu engilwa layo; ngoba uNkulunkulu wangilaya ukuthi ngiphangise; yeka ukuzigaxa noNkulunkulu onami, funa akubhubhise.


Yebo, nihlangene ngani nami, Tire, neSidoni, nani nonke zifunda zasePalestina na? uzongibuyisela yini? futhi uma ungiphindisela, ngokushesha futhi ngokushesha ngizokwehlisela impindiselo yakho phezu kwekhanda lakho;


Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.


Kwakukhona khatshana labo umhlambi wezingulube ezinengi usidla.


Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu.


Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu ukuthi ungangihluphi.


Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani; oNgcwele kaNkulunkulu.


Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.


Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi.


UJesu wathi kuye: “Mame, nginamsebenzi muni nawe? ihora lami alikafiki.


Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezishumayela kithi indlela yensindiso.


Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.


Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;


Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.


UJefta wayesethuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni ukuthi: “Nginamsebenzi muni nawe ukuba uze kimi ukulwa ezweni lami na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka