Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 23:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 23:14
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abafelokazi wabamukisa bengenalutho, nezingalo zezintandane zaphulwa.


Uma nginqanda abampofu ekufisweni kwabo, noma ngafiphalisa amehlo omfelokazi;


Akumelwe nicindezele noma yimuphi umfelokazi noma intandane.


Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kuzwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunawe.


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo?


Abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Kepha obengazi, wenza okufanele imivimbo, uyakushaywa imivimbo eyingcosana. Ngokuba yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye;


abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; labo bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Ngokuba kulaba kukhona abanyebelezela ezindlini, bathumbe abesifazane abayiziwula abasindwa yizono, abaholwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo;


Ngokuba baningi abangalaleliyo nabakhuluma okuyize nabakhohlisi, ikakhulukazi abokusoka;


Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka