Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 22:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi inkosi ingena ukukhangela ababehlezi ekudleni, yabona khona umuntu owayeyembethe isembatho somtshado.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 “Inkosi isingenile ukuzobona izimenywa ezazihleli etafuleni, yabona khona umuntu owayengayembethe ingubo yomshado.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kwathi inkosi ingena ukukhangela ababehlezi ekudleni, yabona khona umuntu owayeyembethe isembatho somtshado.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 22:11
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kumphathi wezingubo: Zikhiphele zonke izinceku zikaBali izingubo. Wabakhiphela izingubo.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Kodwa thina sonke sinjengento engcolileyo, lokulunga kwethu konke kunjengendwangu engcolileyo; futhi sonke siyabuna njengeqabunga; nobubi bethu bususile njengomoya.


Kodwa wena usilahlile ngokupheleleyo; usithukuthelele kakhulu.


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;


Lezozinceku zaphuma zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; umshado wagcwala abahlezi ekudleni.


olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


uma-ke sembethe, asiyikufunyanwa sinqunu.


Ngoba lina lonke elabhabhathizelwa kuKristu lembethe uKristu.


nembathe umuntu omusha, owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.


Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.


Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka