Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 18:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 18:15
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho; womkhuza noma kanjani umakhelwane wakho, ungathwali sono kuye.


Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.


UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na?


Kanjalo noBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo iziphambeko zakhe ngezinhliziyo zenu.


Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.


Ngakho-ke noma nganibhalela, angikwenzanga ngenxa yalowo owonayo, noma ngenxa yowoniwa, kodwa ukuze kubonakale kini ukunikhathalela kwethu phambi kukaNkulunkulu.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


nibekezelelana, nithethelelane, uma umuntu enensongo komunye;


ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.


Nokho ningamthathi njengesitha, kodwa nimyale njengomzalwane.


Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle;


Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka