Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 18:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 18:10
45 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili egcwele, engabuboni ubuso benkosi.


Wathi: “Yizwani-ke izwi likaJehova: Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Eceleni kwakhe kwakukhona oKarsena, noSethari, no-Admatha, noTarsisi, noMeresi, noMarsena, noMemukani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya, ezabona ubuso benkosi, zaba ngabokuqala ukuhlala embusweni.


Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki.


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule.


Ngoba uzalaya izingilosi zakhe ngawe ukuthi zikulinde ezindleleni zakho zonke.


Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Ngoba ngubani odelele usuku lwezinto ezincane? ngokuba bayakujabula, babone intambo yomthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele nalezi eziyisikhombisa; bangamehlo kaJehova agijima emhlabeni wonke.


Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele.


Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.


Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.


Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.


Kwathi sezimukile, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka uthathe umntwana omncane lonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikubikele; izofuna umntwana omncane ukuba ambhubhise.


Kwathi esefile uHerodi, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Ya le utlwang o a nkutlwa; mme ya le nyatsang, o a nyedisa nna; mme ya nnyatsang, o nyedisa ya nthomileng.


Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;


Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”


Bathi kuye: “Uyahlanya. Kodwa wayelokhu egcizelela ukuthi kunjalo. Base bethi: “Yingelosi yakhe.”


Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.


Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo,


Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:


Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.


Kuhle ukungadli inyama, nokungaliphuzi iwayini, nokunye umfowenu akhubeka ngakho, akhubeke, noma abe buthakathaka.


Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina.


Yini? Aninazo yini izindlu zokudlela nokuphuzela na? Kumbe nidelela ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenalutho na? Ngizothini kuwe? ngikudumise kulokhu na? angikubongi.


Ngakho makungabikho omdelelayo, kodwa mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngokuba ngimlindile kanye nabazalwane.


Kwababuthakathaka ngaba njengobuthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka;


Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;


Ngokuba bathi, izincwadi zakhe zinesisindo, zinamandla; kodwa ukuba khona kwakhe ngomzimba ubuthakathaka, nokukhuluma kwakhe kudelelekile.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.


Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.


Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu; banikwa amacilongo ayisikhombisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka