Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 13:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 13:22
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bhekani, lo nguye umuntu uNkulunkulu angamenzanga amandla akhe; kepha wethemba ebuningini benotho yakhe, waziqinisa ebubini bakhe.


Ningenciki ekucindezelweni, ningabi yize ngokuphanga; uma ingcebo iyanda, ungabeki inhliziyo yakho kuyo.


Owethemba inotho yakhe uyakuwa, kepha olungileyo uyahluma njengehlumela.


Uyafuna ukugxilisa amehlo akho kulokho okungekho na? ngoba ingcebo yenza amaphiko; bandizela ezulwini njengokhozi.


Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu.


Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda naseJerusalema, uthi: “Zilibeleni insimu yenu, ningahlwanyeli emeveni.


Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa;


Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe.


Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.


Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.


Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu.


Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.


Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo.


USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali.


Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?


Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo;


Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni.


Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asikhulule kulelilizwe elibi lamanje, ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;


enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli;


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka