Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 sibonga uBaba osenze safaneleka ukuhlanganyela efeni labangcwele ekukhanyeni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 sibonga uBaba osenze safaneleka ukuhlanganyela efeni labangcwele ekukhanyeni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 1:12
50 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indlu, lapho yakhiwa, yakhiwa ngamatshe alungisiwe ingakafikiswa khona, ukuze kungezwakali isando, nembazo, nanto yonke yensimbi endlini, isakhiwa.


UDavida wasesithi kulo lonke ibandla: Khathesi dumisani uJehova uNkulunkulu wenu. Ibandla lonke lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhothama, bakhuleka kuJehova nasenkosini.


Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami; ngoba uJehova ukwenzele okuhle.


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Ngalokho thina bantu bakho nezimvu zedlelo lakho siyakukubonga kuze kube phakade; siyakumemezela udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ukukhanya kuhlwanyelwa olungileyo, nenjabulo kwabaqotho ngenhliziyo.


Ukuzindla kwenhliziyo kumuntu, nempendulo yolimi ivela kuJehova.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Ngiyakubonga, ngiyakudumisa, Nkulunkulu wawobaba, owangipha ukuhlakanipha namandla, wangazisa lokho ebesikucela kuwe, ngokuba ususazisile manje indaba yenkosi.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Uma amanye amagatsha aphulwa, wena-ke ongumnqumo wasendle waxhunyelelwa kuwo, uhlanganyele kanye nawo empandeni yokukhuluphala komnqumo;


Kubathokozisile impela; futhi banecala kubo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, kungumsebenzi wabo nokubakhonza ezintweni zenyama.


Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.


ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa, azilungisele ngaphambili inkazimulo;


Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.


Lokho ngikwenza ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe nomhlanganyeli kulo.


Kepha akumangalisi; ngoba uSathane uqobo uziguqula ingilosi yokukhanya.


Kepha yena owasenzela khona lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso sikaMoya.


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele;


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba.


ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.


munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke.


Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.


nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;


namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.


Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;


ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu;


Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Ngalo siyambonga uNkulunkulu uBaba; futhi ngalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;


Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi;


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.


Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka