Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 11:6
47 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngakho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi; ngoba kasifuni ukwazi izindlela zakho.


Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe.


Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.


Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.


Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngibeke ithemba lami eNkosini uJehova, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.


Ngoba kabakholwanga kuNkulunkulu, kabathembanga ensindisweni yakhe;


Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla.


Omubi wenza umsebenzi wenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo omisiwe.


Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.


O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?


INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Ngoba lingakholwanga kimi ukungingcwelisa phambi kwamehlo abantwana bakoIsrayeli, ngakho kaliyikungenisa lelibandla elizweni engilinika lona.


Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo.


Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;


Kodwa funani kakhulu umbuso kaNkulunkulu; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.


Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na?


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;


Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa;


Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.


Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;


Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi;


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka