Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 7:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

28 Ngakho-ke uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi Mina, futhi niyazi nokuthi ngivela kuphi. Kepha angizizelanga Mina, kodwa lowo ongithumileyo, uqinisile, eningamaziyo nina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 7:28
46 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.


Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.


Indawo yakho yokuhlala iphakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi, usho uJehova.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Kabayikuzimisa izenzo zabo ukuthi babuyele kuNkulunkulu wabo, ngoba umoya wobufebe uphakathi kwabo, njalo kabamazi uJehova.


Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.


Wafika wahlala emzini othiwa iNazaretha, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.


Tsohle ke di neilwe ke Ntate; mme ha ho ya tsebang Mora ke mang, haese Ntate; le hore na Ntate ke mang, haese Mora, le eo Mora a ratang ho mo senolela yena.


Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.


Sebefeze konke ngokomthetho weNkosi, babuyela eGalile emzini wakubo eNazaretha.


Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;)


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


UNathanayeli wasesithi kuye: Kambe kukhona into enhle evela eNazaretha? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Ngokuba angikhulumanga ngokwami; kodwa uBaba ongithumileyo nguyena onginike umyalo, engizakusho, nokuthi ngiyakukhulumani.


Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi.


Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.


Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.


Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.


Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile.


Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena.


Basebesithi: Lo kayisuye uJesu yini indodana kaJosefa, uyise lonina esibaziyo? Asho kanjani-ke ukuthi: Ngehle ezulwini na?


Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.


Nokho uma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuqinisile, ngokuba angingedwa, kodwa mina noBaba ongithumileyo.


Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.


Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose;


Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.


Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.


Kodwa njengoba uNkulunkulu eqinisile, ilizwi lethu kini lalingesiye uyebo loqhabo.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;


ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;


Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Amadodana ka-Eli ayengamadodana kaBheliyali; babengamazi uJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka