Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 6:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 6:32
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu;


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.


Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.


Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade.


AmaJuda akhonona ngaye, ngokuba wathi: “Mina ngiyisinkwa esehla ezulwini.


Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.


Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.


Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka