Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 21:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 UJesu wathi kuye: “Uma Mina ngithanda ukuba ahlale ngize ngibuye, uhlushwe yini wena ngalokho na? Wena landela Mina.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 21:22
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?


Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.


Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.


Kodwa uJesu wathi kuye: Ngilandele; futhi abafileyo bayekele abafileyo babo.


Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.


Wakukhuluma lokho ekhomba ukufa okungako ayeyakukhazimulisa ngakho uNkulunkulu. Eseshilo lokho wathi kuye: “Ngilandele.”


UPetro embona wathi kuJesu: Nkosi, lo uzakwenzani?


Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa, niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?


Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.


Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.


Bheka, ngiyeza masinyane; ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.


Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka