Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Kepha uJesu akazange abethembe, ngokuba wayebazi bonke ubunjalo babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 2:24
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yizwa-ke usezulwini, lapho uhlala khona, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (ngoba nguwe wedwa owazi izinhliziyo zabantwana babantu;)


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?


UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;


Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.


Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.


UJesu wathi kuye: “Hamba, ubize indoda yakho, uze lapha.


Kepha ngiyanazi ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.


Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa.


Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.


Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.


NoNkulunkulu owazi izinhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele, njengalokho enzile nakithi;


“Kuyakuthi lapho ububi obuningi nezinsizi bubehlela, le ngoma ifakaze ngabo, ibe ngufakazi; ngokuba akuyikukhohlakala emilonyeni yezizukulwane zabo; ngoba mina ngiyayazi imicabango yabo abayizulazulayo khathesi, ngingakafiki elizweni engathembisa ngalo ngesifungo.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki ubuso bakhe nobude bomzimba wakhe; ngoba ngimalile; ngoba uJehova akaboni njengoba umuntu ebona; ngokuba umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka