Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 19:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 19:20
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA.


Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.


Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.


Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.


Kwathi uPawuli esezangeniswa enkambeni yamabutho, wathi enduneni yenkulungwane: Ngingakhuluma lawe yini? Yathi: “Uyakwazi ukukhuluma isiGreki na?


Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:


(Sebezwile ukuthi ukhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula kakhulu; wathi:)


Kuthe sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? kulukhuni kuwe ukukhahlela izinkandi.


Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


Wabahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iArmagedoni.


Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka