Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 15:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 15:8
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.


Khuphukani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuthokoza ngalo, ngikhazimulise,” usho uJehova.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;


Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.


Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.


Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


ingazenzisi, kodwa ibonise ukwethembeka konke okuhle; ukuze bahlotshise imfundiso kaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.


babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka