Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 14:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 “Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 14:21
43 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba wanamathela kuJehova, akaphambukanga kuye, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.


Mabajabule, bajabule, abathanda ukulunga kwami; yebo, mabasho njalonjalo: Makabe mkhulu uJehova othokoza ngokuphumelela kwenceku yakhe.


Wathi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.”


Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.


Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli; kanye nendlu kaJuda.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini.


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona.


Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.


Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.


Ngambona ethi kimi: ‘Sheshisa uphume masinyane eJerusalema, ngokuba kabayikwamukela ubufakazi bakho ngami.


Ngalokhu ngayincenga kathathu iNkosi ukuthi isuke kimi.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Futhi uzakunithanda, anibusise, andise; Iyakubusisa isithelo sesisu sakho, nesithelo sezwe lakho, nokolweni kwakho, newayini lakho, namafutha akho, nomkhiqizo wezinkomo zakho, nomhlambi wezimvu zakho, ezweni alifungela oyihlo ukukunika.


Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithandayo nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle;


INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;


Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.


Yilokhu uthando, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo wokuba nihambe kuwo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka