Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 6:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba simzwile ethi loJesu waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule amasiko uMose asinika wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba simzwile ethi loJesu waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule amasiko uMose asinika wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 6:14
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kumelwe nishiye igama lenu njengesiqalekiso kwabakhethiweyo bami, ngoba iNkosi uJehova iyonibulala futhi ibize izinceku zayo ngelinye igama.


UJeremiya wayesekhuluma kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, wathi: “UJehova ungithumile ukuba ngiprofethe ngale ndlu nangalumuzi onke amazwi eniwazwileyo.


UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.


Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuze umlilo uqede imisedari yakho.


Ngiyakubutha zonke izizwe ukuba zilwe neJerusalema; umuzi uyothathwa, izindlu ziphangwe, nabesifazane bahlazeke; ingxenye yomuzi iyakuthunjwa, insali yabantu ayiyikunqunywa emzini.


Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu.


Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla.


Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


Ngokuqondene nalezi zinto enizibonayo, kuyeza izinsuku okungayikushiywa ngazo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.


UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa.


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.


Sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi bangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.


Eziphendulela wathi: “Nangomthetho wabaJuda, nethempeli, nakuKesari angonanga lutho.


ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.


Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa kamuva.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka