Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Ukwesaba okukhulu kwalehlela lonke ibandla nabo bonke abezwa ngalokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 5:11
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.


Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.


U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.


Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka