Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 26:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 26:29
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathukuthela kakhulu, yakhuphukela ekamelweni elibhekene nesango, yakhala; wahamba, wathi: “Ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi ngafela wena, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!


Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi uNkulunkulu, inkosi yami, ube nomprofethi oseSamariya! ngoba wayezasinda ochokweni lwakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Kodwa uJeremiya wathi: Kabayikukusindisa. Lalelani izwi likaJehova engilikhuluma kini; khona kuyakuba kuhle kuwe, uphile umphefumulo wakho.


UMozisi wasesithi kuye: Ulobukhwele ngenxa yami yini? Kwangathi uNkulunkulu angabapha bonke abantu beNkosi babe ngabaprofethi, futhi uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo!


Kodwa mina kangibamukeli ubufakazi kumuntu, kodwa ngitsho lezizinto ukuze lina lisindiswe.


Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.


Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Sebehlale khona izinsuku eziningi, uFestu wayilandisa inkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eshiywe nguFeliksi iboshiwe;


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe.


Senisuthi, manje senicebile, nabusa ngaphandle kwethu; bengithanda ukuba benibusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.


Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.


Sengathi ningangibekezelela kancane ebuwula bami, ningibekezelele.


engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.


esimshumayelayo, sixwayisa wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngakho konke ukuhlakanipha; ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKristu Jesu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka