Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 26:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 26:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; nabangithukuthelela bafunga ngami.


Kubi kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi kube nesigameko sinye kubo bonke; yebo, nenhliziyo yabantwana babantu igcwele ububi, nokuhlanya kusenhliziyweni yabo besaphila, ngasemuva bahlubuka yana kwabafileyo.


Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;


Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bazathethelelwa zonke izono lenhlamba loba yini abahlambaza ngayo;


Kwathi lapho isanguluka yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanesinkwa esanele, kanti mina ngifa indlala.


Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu.


Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.


Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.


Ngase ngithi: Nkosi, bayazi bona ukuthi bengibabopha ngibashaya emasinagogeni wonke abakholwa nguwe;


Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu;


Abahlambalazi yini igama elihle enibizwa ngalo na?


Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka