Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 25:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngangomuso u-Agripha esefikile noBernike ngokugabadela okukhulu, bangena endaweni yokulalela, nezinduna zenkulungwane nezinhloko zomuzi, ngomyalo kaFestu, uPawulu walethwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke ngakusasa kwafika u-Agripha noBhernisi, bemukelwa ngokuhlonishwa okukhulu, bangena endlini yamacala nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi. UFestu wayaleza ukuba uPawula alethwe kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngangomuso u-Agripha esefikile noBernike ngokugabadela okukhulu, bangena endaweni yokulalela, nezinduna zenkulungwane nezinhloko zomuzi, ngomyalo kaFestu, uPawulu walethwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 25:23
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho ebonisa ingcebo yobukhosi bakhe nodumo lobukhosi bakhe obumangalisayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.


“Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize.


Ubukhazikhazi bakho behlele eHayidesi, nomsindo wezingubhu zakho;


Ngakho-ke indawo yabafileyo yalikhulisa futhi yavula umlomo walo ngokungenasilinganiso, futhi inkazimulo yabo nesixuku sabo nobuhle babo kanye nojabulayo bayokwehlela kuso.


NaseThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngephula khona amajoka aseGibithe; ubukhazikhazi bamandla akhe buyophela kulo, ifu liyakusibekela, namadodakazi alo aya ekuthunjweni.


Ngiyakwenza ukuba isixuku sakho siwe ngezinkemba zamaqhawe, abesabekayo bezizwe bonke;


Ngokuba ngiyakwenza izwe libe yihlane, nobukhosi bamandla alo buphele; futhi izintaba zakwa-Israyeli ziyoba ihlane ukuze kungabikho muntu odabula kuzo.


Ngakho ngiyakuletha abezizwe ababi kakhulu, badle izindlu zabo; nezindawo zabo ezingcwele ziyongcoliswa.


Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?


Kwathi sekufikile usuku oluhle, uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe wenzela izikhulu zakhe, nezinduna zezikhulu, nezikhulu zaseGalile idili;


Kwathi ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi, wakhuluma kubo.


Kwathi emva kwezinsuku ezithile u-Agripha inkosi noBernike bafika eKesariya ukuyobingelela uFestu.


Eseshilo lokho, yasukuma inkosi, nombusi, noBernike, nababehlezi nabo;


Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;


nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.


Ngoba ilanga liyaphuma lilokushisa okutshisayo, kodwa libunisa utshani, lembali yabo iyawa, lobuhle besimo sabo bubhubha;


Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;


Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka