Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 13:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi sekufundiwe umlayo labaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, besithi: Madoda, bazalwane, uba lilolizwi lokukhuthaza abantu, khulumani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kwathi sekufundiwe umlayo labaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, besithi: Madoda, bazalwane, uba lilolizwi lokukhuthaza abantu, khulumani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 13:15
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, kwafika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe; kwathi embona wawa ngasezinyaweni zakhe.


Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.


Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla.


Ngokuba uMose kwasendulo unabamshumayelayo emizini yonke, efundwa emasinagogeni isabatha ngamasabatha.


Kwathi sekunempikiswano enkulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi nina ukuthi kusukela kudala uNkulunkulu wakhetha phakathi kwethu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakhulume izwi levangeli kholwani.


Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto.


UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.


Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.


Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani?


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi.


Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.


LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.


Kepha izingqondo zabo zaphuphuthekiswa, ngokuba kuze kube namuhla sisalokhu kufundwa isivumelwano esidala singambulwanga. Okuyindwangu echithwa kuKristu.


Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso;


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka