Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 5:11
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Yizwani-ke izwi likaJehova: Ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Dumisani uJehova, nina zingelosi zakhe, enibusa ngamandla, enigcina imiyalo yakhe, nilalele izwi lezwi lakhe.


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.


Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, yebo, izinkulungwane zezingelosi; uJehova uphakathi kwazo njengaseSinayi endlini engcwele.


Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.


Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.


Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!


Isihlalo sobukhosi sasihanqe izihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe; babenemiqhele yegolide emakhanda abo.


Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona ulwandle lwengilazi lufana nekristalu, naphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine ezigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva.


Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Ngasengibona, khangela-ke, phakathi kwesihlalo sobukhosi lezidalwa ezine eziphilayo, laphakathi kwabadala, kumi iWundlu linjengokuhlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa lamehlo ayisikhombisa, angoMoya abayisikhombisa bezulu. UNkulunkulu wathumela emhlabeni wonke.


Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Izingelosi zonke zazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, namalunga nezidalwa ezine eziphilayo, zawa ngobuso bazo phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu.


Inani lempi yabamahhashi laliyizinkulungwane ezingamakhulu amabili; ngezwa umumo wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka