Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 22:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Uma futhi ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siphrofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, emzini ongcwele, nakulokhu okulotshwe kule ncwadi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 22:19
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


INkosi yasisithi kuMozisi: Wonke owonayo kimi, ngizamesula encwadini yami.


Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Maye kinina zazimthetho! ngokuba nithathe isihluthulelo sokwazi; aningenanga nina, nabangenayo nabavimbela.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.


Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.


Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe.


Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.


Bheka, ngiyeza masinyane; ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka