Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 20:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 20:2
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “Uhambahamba emhlabeni, nasemuva naphambili kuwo.


Bayobuthelwa njengokubuthelwa kweziboshwa egodini, bavalelwe etilongweni, bavakashelwe emva kwezinsuku eziningi.


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.


Walinganisa inkulungwane; futhi kwakungumfula engingeke ngiwuwele, ngoba amanzi ayephakama, amanzi okubhukuda kuwo, umfula owawungemulelwa.


Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi?


Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.


Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu ukuthi ungangihluphi.


Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba;


ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe.


UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;


Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.


Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.


Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.


Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.


Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.


Bakhuleka kudrako owanika isilo amandla, bakhuleka kuso isilo, bathi: “Ngubani ofana nesilo na? ngubani ongalwa naye na?


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Njalo nxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uzakhululwa entolongweni yakhe;


Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka