Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 “Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Olungileyo uyakuthokoza lapho ebona impindiselo; uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi.


IBhabhiloni, inkazimulo yemibuso, ubukhazikhazi bobukhulu bamaKaledi, liyoba njengalapho uNkulunkulu egumbuqela iSodoma neGomora.


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora nemizi yangakubo,” usho uJehova; ngakho akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikuhlala khona.


Ngomsindo wokuthunjwa kweBabele umhlaba uyathuthumela, kuzwakale ukukhala phakathi kwezizwe.


IBhabhiloni lawa ngokuzumayo, lachithwa; mkhaleleni; thatha amafutha ezinhlungwini zakhe, uma kunjalo, angasinda.


Bonke abakhileyo eziqhingini bayomangala ngawe, namakhosi abo ayoba nokwesaba okukhulu, ethuke ebusweni bawo.


Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Gawulani umuthi, ninqume amagatsha awo, niwasuse amaqabunga, nihlakaze izithelo zawo; izilwane maziphume ngaphansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.


Lonke izwe lalo liyisibabule nosawoti nokuvutha, ukuthi lingahlwanyeli, lingazali, kungabikho tshani obumila kulo, njengokuchithwa kweSodoma neGomora, i-Adima neSeboyimi uJehova ayichitha ekubhujisweni kwayo. Ulaka nolaka lwakhe;


Kepha abafelokazi abasha ubala;


Umusi wokuhlushwa kwabo ukhuphuka kuze kube phakade naphakade; abanakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, nalowo owamukela uphawu lwegama laso.


amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo.


Bamemeza bebona umusi wokushiswa kwalo, bethi: “Ngumuphi umuzi ofana nalo muzi omkhulu na?


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo.


Ngalokho elizikhazimulise ngakhona, lazithokozisa, mnikeni ukuhlushwa nokudabuka okungaka, ngokuba lithi enhliziyweni yalo: ‘Ngihlezi ngiyindlovukazi, angisuye umfelokazi, futhi angiyikubona ukudabuka.’


Baphinda bathi: Haleluya. Futhi umusi wawo wenyuka kuze kube phakade naphakade.


Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka