Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 14:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 14:15
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakholwa yiNkosi; wambalela lokho njengokulunga.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, kuze kuphume ukulunga kwalo njengokukhazimula, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Indodakazi yaseBabele injengesibuya, sekuyisikhathi sokuyibhula; kuseyisikhashana, kufike isikhathi sokuvuna kwayo.


Hlalani esikeleni, ngokuba isivuno sesivuthiwe; woza, yehla; ngokuba isikhamo sigcwele, amanoni ayachichima; ngoba ububi babo bukhulu.


Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;


Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


Gcwalisani-ke isilinganiso sawoyihlo.


Kodwa nxa isithelo sesivuthiwe, alifake masinyane isikela, ngoba ukuvuna sekufikile.


besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa.


Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.


Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa.


Kwaphuma enye ingelosi ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali.


Kwaphuma enye ingelosi e-altare, inamandla phezu komlilo; yamemeza ngezwi elikhulu kophethe isikela elibukhali, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba; ngoba izithelo zayo sezivuthiwe.


Izingelosi eziyisikhombisa zaphuma ethempelini, zinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ilineni elihlanzekile nelimhlophe, zibophe izifuba zazo amabhande egolide.


Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka