Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 10:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlaba yasiphakamisela isandla sayo ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ingelosi engayibona ime phezu kolwandle naphezu komhlabathi, yaphakamisa isandla sayo sokunene yasibhekisa ezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlaba yasiphakamisela isandla sayo ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 10:5
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,


Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza.


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.


Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.


Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;


Nami ngiphakamisele isandla sami kubo ehlane ukubahlakazela ezizweni, ngibahlakaze emazweni;


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa-Israyeli, ezweni engaphakamisela lona isandla sami ukulinika oyihlo.


Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli, ngaphakamisela isandla sami enzalweni yendlu kaJakobe, ngazibonakalisa kubo ezweni laseGibithe, ngiphakamisela kubo isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu;


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngiphakamisile isandla sami, impela, izizwe ezinihaqayo ziyakuthwala ihlazo lazo.


Kumelwe nilidle njengefa, omunye kanye nomunye, ngoba ngaphakamisa isandla sami ukuze ngilinike oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.


Ngase ngizwa ukuthi indoda eyembethe ilineni, eyayiphezu kwamanzi omfula, yaphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene nesokhohlo, yafunga yena ophilayo kuze kube phakade ukuthi okwesikhathi, nezikhathi, nengxenye; futhi lapho eseqedile ukuhlakaza amandla abantu abangcwele, zonke lezi zinto ziyofezeka.


Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.


Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.


Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;


Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini ngithi: Ngiphila kuze kube nininini.


Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga;


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


Esandleni sayo yayiphethe incwadi encane evuliwe, yabeka unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolunye unyawo lwayo lwesobunxele emhlabeni.


Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.


Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”


Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.


Futhi lapho lezo zilwane zinika inkazimulo nodumo nokubonga kuye ohlezi esihlalweni sobukhosi, ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka