Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 7:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bayabuya, kepha ababuyeli koPhezukonke; banjengomnsalo okhohlisayo; izikhulu zabo ziyakuwa ngenkemba ngenxa yentukuthelo yolimi lwabo; kuyakuba yinhlekisa kubo ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 7:16
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo nolimi olukhuluma izinto ezizidlayo.


Abathi: Ngolimi lwethu siyakunqoba; izindebe zethu ngokwethu; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?


Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.


Bavalelwe emafutheni abo; ngomlomo wabo bakhuluma ngokuziqhenya.


Ulimi lwakho luceba okubi; njengensingo ebukhali esebenza ngokukhohlisa.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Umlomo wabo bawubeke ezulwini, nolimi lwabo luhamba emhlabeni.


Ngoba inhliziyo yabo yayingaqondile kuye, futhi babengaqini esivumelwaneni sakhe.


Kodwa baphenduka benza ubumenemene njengoyise; baphambukile njengomnsalo okhohlisayo.


Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Kodwa ngenxa yakho konke lokhu udadewabo okhohlisayo uJuda akabuyelanga kimi ngenhliziyo yakhe yonke, kodwa ngenkohliso, usho uJehova.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokho intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululiwe phezu kwabakhileyo eJerusalema; kanjalo ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwenu, lapho ningena eGibithe; niyakuba yisihlamba, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba; futhi ngeke usayibona le ndawo.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphuza endebeni kadadewenu ejulile, enkulu; uyakuhlekwa, uhlekwe; iqukethe okuningi.


Lapho sebengenile ezizweni ababengena kuzo, balihlambalaza igama lami elingcwele ngokuthi kubo: “Laba bangabantu bakaJehova, basuka ezweni lakhe.


Futhi iyokhuluma amazwi amakhulu ngokumelene noPhezukonke futhi iqede abangcwele boPhezukonke futhi icabange ukuguqula izikhathi nemithetho, futhi kuyonikelwa esandleni sayo isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi.


Kayikubuyela elizweni leGibhithe, kodwa iAsiriya lizakuba yinkosi yayo, ngoba bala ukubuya.


Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.


O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.


Maye kubo! ngoba bangibalekile, incithakalo iphezu kwabo. Ngoba beqile kimi; nakuba ngibahlengile, bakhuluma amanga ngami.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.


Abanakunikela ngewayini kuJehova, futhi abayikumthokozisa; izisulu zabo ziyoba njengesinkwa sokulila kubo; bonke abakudlayo bayakuba ngabangcolile, ngokuba isinkwa sabo asiyikungena endlini kaJehova ngenxa yomphefumulo wabo.


Ngokuba bhekani, sebehambile ngenxa yokubhujiswa; izindawo zobumnandi besiliva labo liyakudliwa yizimbabazane; ameva ayakuba sematendeni abo.


Amazwi enu ayenamandla ngokumelene nami,” usho uJehova. Kepha nina nithi: ‘Sikhulumeleni kangaka ngawe na?


Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?


Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.


Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.


Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!


(Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)


Sanikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba; kwasekunikwa kuye ukuthi aqhubeke izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka