Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho ngababulala ngabaprofethi; Ngibabulele ngamazwi omlomo wami, nezahlulelo zakho zinjengokukhanya okuphumayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 6:5
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Lapho u-Ahiya esizwa izisinde zezinyawo zakhe lapho engena emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu! kungani uzenza omunye umuntu? ngoba ngithunywe kini umbiko onzima.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Kwathi uAhabi ebona uElija, uAhabi wathi kuye: Nguwe yini owesabisa uIsrayeli?


Futhi kuyokwenzeka ukuthi uJehu uyombulala lowo owaphunyuka enkembeni kaHazayeli; ophunyuka enkembeni kaJehu, u-Elisha uyakumbulala.


Wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi uthume izithunywa ukuyabuza kuBali Zebhubi unkulunkulu wase-Ekroni, akungoba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ongabuza izwi lakhe na? ngalokho ungehli kulowo mbhede okhwele kuwo, kepha uyakufa nokufa.


Kwase kufika kuye incwadi evela kumprofethi uEliya, yathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngokuba awuhambanga ngezindlela zikayihlo uJehoshafati nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, hamba,


Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.


Ngakho-ke ngilaleleni nina madoda anokuqonda! Kukude noNkulunkulu ukuthi ubengenza ububi; nokaSomandla, ukuba enze okubi.


Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho.


Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu.


Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.


Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Bheka, ngikumisile namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukuba usiphule, udilize, uchithe, udilize, wakhe, utshale.


Ngokuba bheka, ngikwenzé namuhla ube ngumuzi ovikelekileyo, nensika yensimbi, nezindonga zethusi phezu kwezwe lonke, naphezu kwamakhosi akwaJuda, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwabapristi balo, nakubantu bezwe.


Uzakuthi kibo: Itsho njalo i Nkosi: Khangela, ngizagcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kulelilizwe, amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavida, labapristi, labaprofethi, labo bonke abakhileyo eJerusalema.


Izwi lami alinjengomlilo na? kusho uJehova; nanjengesando esiphula idwala?


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe umlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubaqede.


Ngakho profetha ngokumelene nabo, profetha, ndodana yomuntu!


Ngenzé ibunzi lakho laba lukhuni kunetshe; ungabesabi, ungapheli amandla phambi kwabo, nakuba beyindlu edlubulundayo.


Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usilahle phansi, lona namadodakazi ezizwe ezaziwayo, ezindaweni eziphansi zomhlaba, kanye nalabo abehlela egodini.


Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.


UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.


UMose ekubona wamangala ngalowo mbono;


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu;


Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.


Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.


Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.


Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.


futhi kabaphendukanga ekubulaleni kwabo, lekuthakatheni, loba ubufebe babo, loba ekwebeni kwabo.


USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini.


USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.


USamuweli wathi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi weza kuye enomusa. Wathi u-Agagi: “Impela, umunyu wokufa usuphelile.”


USamuweli wasesithi: Njengalokhu inkemba yakho yenza abesifazana bangabi nabantwana, ngokunjalo unyoko uzakwaphucwa abantwana phakathi kwabesifazana. USamuweli wahlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka