Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho kuyakuvuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zonke izinqaba zakho ziphangwe, njengalokho uSalmani aphanga iBeti Aribeli ngosuku lwempi; unina uchotshoziwe phezu kwabantwana bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 10:14
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.


Bayishiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza isihlahla, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


UShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka wamelana naye; uHoseya waba yinceku yakhe, wamnika izipho.


Ukhona yini onkulunkulu bezizwe owasindisa izwe lakhe lonke esandleni senkosi yase-Asiriya na?


Inqaba iyakuma kwa-Efrayimi, nombuso waseDamaseku, nensali yase-Aramu; bayakuba njengenkazimulo yabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Ngiyakubaphahlazela omunye komunye, oyise namadodana kanyekanye, usho uJehova;


IKeriyoti ithunjiwe, nezinqaba ziyathuthumela, nezinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ngalolo suku ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.


Iyakwenze njalo kini iBethele ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakushaywa ngesiqalekiso.


ISamariya liyosala lishiyiwe; ngoba liyahlubuka kuNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba; izinsana zabo ziyochotshozwa, futhi abesifazane babo abakhulelwe bayoklebhulwa.


ukuthi mhla ngimhambela ngeziphambeko zikaIsrayeli, ngizahambela amalathi eBhetheli; izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi ziwe phansi.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


UJehova Sebawoti nguye othinta izwe, lincibilike, bonke abakhileyo kulo balile; futhi liyakukhuphuka liphelele njengesikhukhula; njalo lizaminzwa njengomfula waseGibhithe.


Ngiyakuchitha imizi yezwe lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho.


Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


Zonke izinqaba zakho ziyakuba njengemikhiwane enamakhiwane avuthwayo; uma zinyakaziswa, ziwela ngisho emlonyeni wodlayo.


Bayoklolodela amakhosi, nezikhulu zibe yinhlekisa kubo; bayoklolodela zonke izinqaba; ngoba bayobutha uthuli futhi baluthathe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka