Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hagayi 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkazimulo yale ndlu yokugcina iyakuba nkulu kuneyokuqala,” usho uJehova Sebawoti; kulendawo ngizanika ukuthula,” kutsho uJehova uSomandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 “Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 2:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, izinqama zaseNebayoti zikukhonze; bayokwenyukela e-altare lami ngokujabula, futhi ngizokhazimulisa indlu yenkazimulo yami.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulinika ukuthula njengomfula, nenkazimulo yabezizwe njengomfula ogobhozayo; khona-ke uyakuncela, uthwalwe emaceleni akhe, uphonseke emadolweni akhe.


UMoya wangiphakamisa, wangisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Lowo uyakuba ngukuthula, lapho umAsiriya engena ezweni lakithi; uma enyathela ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezinduna eziyisishiyagalombili.


Khuphukani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuthokoza ngalo, ngikhazimulise,” usho uJehova.


Ngubani osele phakathi kwenu owabona le ndlu isenkazimulweni yayo yokuqala? futhi ubona kanjani manje? emehlweni enu alifani nalo njengento engelutho na?


Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.


Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka