Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa lapho u-Esteri efika phambi kwenkosi, yayala ngezincwadi ukuba icebo lakhe elibi alicebile ngamaJuda libuyele ekhanda lakhe, futhi yena namadodana akhe baphanyekwe esigxotsheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:25
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yizwa-ke usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokulahla omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nolungileyo, amnike njengokulunga kwakhe.


Wadelela ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa; ngoba bamvumela ukuthi abone abantu bakaMoridegayi; ngalokho uHamani wazama ukubhubhisa bonke abaJuda ababesembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, abantu bakaMoridegayi.


Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi.


Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.


Inkosi u-Ahashiveroshi yasiphendula yathi ku-Esteri indlovukazi: “Ngubani lowo, futhi uphi lowo ozidlayo enhliziyweni yakhe ukwenza lokhu na?


Unganiki, Jehova, izifiso zomubi; lingasekho icebo lakhe elibi; ukuze bangaziphakamisi. Sela.


Ikhanda labangihaqileyo makubemboze ububi bezindebe zabo.


Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngibaleke.


Ububi bakhe buyakubuyela phezu kwekhanda lakhe, nobudlova bakhe buyokwehlela okhakhayini lwakhe.


Ngiyakumbonga uJehova ngokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Futhi uyoletha ububi babo phezu kwabo futhi ababhubhise ngobubi babo; yebo, uJehova uNkulunkulu wethu uyakubabhubhisa.


Omba umgodi uzakuwela kuwo; nogingqa itshe, liyakubuyela kuye.


Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.


Ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, isikhonkwane esibethelwe endaweni emisiwe siyakususwa, sinqunywe, siwe; nomthwalo owawukuyo kumelwe unqunywe, ngoba uJehova ukukhulumile.


Ngoba usuku lweNkosi luseduze phezu kwezizwe zonke; njengoba wenze, kuyakwenziwa kuwe; inkokhelo yakho iyobuyela ekhanda lakho.


Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka