Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 6:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona-ke uThathenayi, umbusi nganeno komfula, neSetharibhozenayi nabangane babo, njengoba nje uDariyu inkosi wayethumele, benza kanjalo ngokushesha.


Inkosi yathi kuHamani: “Shesha uthathe ingubo nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kumJuda uMoridegayi ohlezi esangweni lenkosi; ungavimbi lutho kukho konke okukhulumile.


UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.


UMoridegayi wasuka enkosini egqoke izingubo zobukhosi eziluhlaza nokumhlophe, enomqhele omkhulu wegolide, nangengubo yelineni elicolekileyo nokububende; umuzi waseShushani wathokoza, wajabula.


Bonke ababusi bezifunda, nezinduna, nezikhulu, nezikhulu zenkosi babasiza abaJuda; ngoba ukwesaba uMoridekayi kwabehlela.


Ogcina umkhiwane uyakudla isithelo sawo; kanjalo uyakudunyiswa olindela inkosi yakhe.


Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka