Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uMoridegayi ebona konke okwenzekileyo, uMoridegayi waklebhula izingubo zakhe, wembatha izingubo zokulila nomlotha, waphuma waya phakathi nomuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokubabayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 4:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Esawu esizwa amazwi kayise, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu, wathi kuyise: “Ngibusise nami, baba!”


UJakobe waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye.


Khona-ke uThamari wathela umlotha ekhanda lakhe waklebhula ingubo yakhe emibalabala ayeyigqokile wabeka isandla sakhe ekhanda lakhe wakhala.


Wafika ngisho naphambi kwesango lenkosi, ngoba akekho ongangena esangweni lenkosi egqoke izingubo zokulila.


Ezifundeni zonke nomaphi lapho kwafika khona izwi lenkosi nesimiso sayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla, nokukhala, nokukhala; abaningi balala bembethe amasaka nomlotha.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Wasethatha isitsha sobumba ukuze azinwaye ngaso; wahlala phansi emlotheni.


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


IHeshiboni liyakubiza, ne-Elale; izwi labo liyozwakala kuze kufike eJahazi; ngakho-ke ibutho lakwaMowabi liyakukhala; ukuphila kwakhe kuyoba nzima kuye.


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki; Ngiyakukhala kamunyu, ngingakhathali ukungiduduza, ngokuphangwa kwendodakazi yabantu bami.


Kwathi inkosi uHezekiya isizwile, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.


Yathuma u-Eliyakimi owayengamele indlu, noShebina, umbhali, namalunga abapristi, bembethe indwangu yamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.


Yilokhu ukuzila ukudla engikukhethileyo na? usuku lokuba umuntu acindezele umphefumulo wakhe na? Ingabe ukugebisa ikhanda lakhe njengenqe nokwendlala indwangu yamasaka nomlotha ngaphansi kwakhe? nithanda ukulubiza ngokuthi wusuku lokuzila noluthokozisayo kuJehova na?


Wayinikela ukuba isetshenzwe, iphathe; lenkemba iloliwe, ilungele ukuyinikela esandleni sombulali.


Ngakho-ke, ndodana yomuntu, bubula ngokuphuka kwezinkalo zakho; babubule ngomunyu phambi kwamehlo abo.


Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Ngalokho ngiyakukhala, ngikhale, nginqunulwe, ngihambe-ze; Ngizokhala njengezimpungushe, ngilile njengezikhova.


Usuku olukhulu lukaJehova luseduze, luseduze futhi lushesha kakhulu, izwi losuku lukaJehova; iqhawe liyokhala ngokumunyu lapho.


Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.


Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza;


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka