Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 2:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 2:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Kusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;


Base bethi omunye komunye: “Akusihambi kahle; lolu suku lungusuku lwezindaba ezinhle, kepha sithule; uma silibala kuze kuse, ububi buyasehlela; woza manje, ukuze sihambe sitshele abendlu yenkosi.


Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.


Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.


Wayesethi uJehova: “Kuhle ukuthukuthela na?


UNkulunkulu wasesithi kuJona: Kuhle yini ukuthi uthukuthelele umhlakuva? Wathi: “Kuhle ukungithukuthelela kuze kube sekufeni.”


Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho.


Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.


Uthando kalwenzi okubi kumakhelwane;


Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.


Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami.


Kepha maqondana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nginilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundiswe nguNkulunkulu ukuba nithandane.


Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.


Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.


Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka